I-ID yaseNingizimu Afrika esebenzayo, kanye noma ama-payslip amathathu akamuva noma izitatimende zasebhange zakamuva ezi-3.
Ungafaka isicelo semalimboleko yakwa-Capfin ku-inthanethi, nge-SMS noma ngokuvakashela kunoma yisiphi isitolo sakwa-PEP noma kwa-Ackermans kulo lonke leli.
Vele ukhethe inkinobho ethi Apply Now bese ulandela imiyalelo ezolandela elula.
Yebo. Uzodinga ukwenza iphrofayela ezofinyeleleka kuphela kusetshenziswa inombolo yakho ye-ID yaseNingizimu Afrika kanye nePhini Yakanye Yekhethelo (OTP) ezothunyelwa ngqo kunombolo yakho kamakhalekhukhwini oyibhalisile.
Konke okudingayo ukungena kuphrofayela yakho usebenzisa inombolo yakho ye-ID yaseNingizimu Afrika, sizobe sesithumela iPhini Yakanye Yekhethelo ngqo enombolwnei kamakhalekhukhwini (OTP) ezobe isithunyelwa ngqo kumakhalekhukhwini wakho obhalisiwe, bese, uvele ulandele imiyalelo.
Ungaphinda ufake isicelo semalimboleko yakwa-Capfin emva kwezinsuku ezingama-30.
Uzolungiselelwa ibhukwana lemalimboleko elizokuchazela ngesamba semalimboleko ofaneleke ukusithola kodwa lokhu kuncike ekuphothulweni kokuhlola ukuthi uyakwazi na ukufinyelela lesi samba. Isamba semalimboleko singashintsha kuncike ekuhlolweni komlando wakho wokukweleta okwenziwa lapho isicelo sakho sesiphothuliwe salethwa kithina.
Sihlinzeka ngezimalimboleko efifinyelela ezi-R50 000, kuncike emphumeleni wokuhlolwa kwamandla okufinyelela kwakho nokuye kubuke izinto ezifana nomholo wakho nezindleko, iphrofayela yakho yokukweleta kanjano nendlela okhokha ngayo.
Imalimboleko yakho uzoyinikezwa esikhathini samahora omsebenzi angama-48 emva kokuvunywa kwesicelo sakho ibe isifakwa ku-akhawunti yakho yasebhange oyiqokile.
Ukuze uphephe, izinombolo zePHINI ziyimfihlo ngokuphelele. Chofoza lapho kuthi 'Resend OTP link' ukuze uthole iPhini Yakho Yakanye Yekhethelo (OTP) emizuzwini eyi-15, ezothunyelwa kumakhalekhukhwini wakho ngqo enombolweni kamakhalekhukhwini owubhalise njengowakho.
Ukuze ushintshe imininingwane yakho, uyacelwa uthintane nomunye wabeluleki bakusize lapha 087 354 0000.
IPhini Yakanye Yekhethelo (OTP) ithunyelelwa enombolweni kamakhalekhukhwini osinikeze yona ngenkathi ubhalisa. Cela iPhini Yakanye Yekhethelo (OTP) bese ulandela imiyalelo yethu elula.
Ukungakhokhi kuzoba nomthelela omubio egameni lakho.
Yebo, sicela uthinte aboPhiko lwakwa-Capfin Lokuqoqwa Kwezikweletu lapha 087 285 1234 ukuze wenze ezinye izindlela zokukhokha.
Yebo, isikhathi sakho sokukhokha imalimboleko yakho sizoncipha uma wenza izinkokhelo ezengeziwe, kuncike enanini olikhokhile nesikhathi esinqunyelwe imalimboleko.
Ungashayela isikhungo sethu sezokuxhumana nabakwa-Capfin lapha 087 354 0000 noma usebenzise i-USSD kethi-*134*6454# ukuze uthole ikhotheshini yakho yokuvala i-akhawunti. Ungabe-ke sewukhokha ngalezi zindlela ezilandelayo ngaphambi kokuphelelwa kwale khotheshini:
Ikhotheshini yokuvala isikweletu oyihlinzekwe ngabakwa-Capfin isebenza izinsuku eziyisikhombisa zomsebenzi kusukela ngosuku oyicele ngalo, bese ibhalansi kudingeke ibe seyikhokhiwe ngokugcwele ngaphambi kokuba kube yileso sikhathi.
Ikhotheshini yakho ibandakanya ibhalansi yakho yemalimboleko engekakhokhwa, kanjalo nayo yonke inzalo nezinkokhelo obekuzobalwa nobekungakafakwa ku-akhawunti yakho.
I-DebiCheck yisistimu yama-debit order edinga ukuba ugunyaze i-debit order yakho ngemishini ebhange lakho uma uthatha imali-mboleko yase-Capfin. Lesi sinyathelo kufanele sigunyazwe ngaphambi kokuba noma imuphi umhlinzeki wesevisi noma wesikweletu adonse imali ku-akhawunti yakho yasebhange. Lokhu kuvikela wena kunoma yimaphi ama-debit order angagunyaziwe athunyelwa ku-akhawunti yakho.
I-DebiCheck yasungulelwa ukuvikela amakhasimende kuma-debit order awumgunyathi nangagunyaziwe athunyelwa kuma-akhawunti awo. Sikholwa ukuthi lokhu kuyisinyathelo esidingekayo esizokuvikela.
Wonke amakhasimende ase-Capfin azofaka isicelo semali-mboleko, bese ethola umyalelo ovela ebhange lawo ukuba agunyaze isicelo se-debit order esivela e-Capfin. Sicela uqaphele ukuthi uma ungasigunyazi lesi sicelo, i-Capfin ngeke ikwazi ukusingatha imali-mboleko yakho
Njengamanje, amakhasimende anganikeza imvume ngomlomo noma ngencwadi kubahlinzeki besikweletu sokuba bathumele izicelo zabo zama-debit order. Nge-DebiCheck, zonke izicelo zama-debit order zizothunyelwa kuwe ngebhange lakho, ukuze uzigunyaze ngaphambi kokuba kudonswe noma iyiphi imali. Ngakho-ke, ibhange lizogcina isivumelwano osenze nalo se-debit order ye-DebiCheck.
I-DebiCheck isiza ekuvikeleni amakhasimende ngokukhipha umyalo osebenza njalo futhi ogunyaziwe, okusho ukuthi abahlinzeki besevisi noma bezikweletu ngeke bakwazi ukudonsa ngaphezu kwemali okuvunyelwene ngayo noma basebenzise kabi isistimu yama-debit order.
Ibhange lakho lizokwazisa ngesicelo esisalindile se-DebiCheck esidinga ukuba usigunyaze. Lesi sicelo singaqinisekiswa nge-app yakho yeselula yasebhange, ngokubhanga nge-inthanethi noma mhlawunge ku-ATM. Qiniseka ukuthi ulandela imiyalelo yebhange lakho ngokucophelela. Uma ungasigunyazi lesi sicelo, i-Capfin ngeke ikwazi ukucubungula imali-mboleko yakho.
Uzothola i-SMS evela ebhange lakho ekutshela ukuthi kunesicelo esidinga ukugunyazwa.
Udinga ukugunyaza isicelo se-DebiCheck yase-Capfin kanye kuphela, ngaphandle uma wenza izinguquko ezilandelayo ngenkathi usathathe imali-mboleko:
Ibhange lakho lizokutshela ngemizila embalwa yokugunyaza, okufanele iqinisekise i-debit order yakho ye-DebiCheck yase-Capfin. Lokhu kubandakanya izinto ezilandelayo, kodwa akugcini nje ngazo:
Kusukela ngesikhathi esiphakathi komhlaka 15 Septhemba 2017 nomhlaka 6 kuJuni 2018 amakhasimende akwa-Capfin afaka izicelo zemalimboleko, afaneleka ukuthola Ikhava Yomgcwabo YAMAHHALA ebiza R5000 kwabashone ngokwemvelo kanye nebiza R10 000 kwabashone ngengozi. Ikhava Yomgcwabo, ikhava wena njengomnikazi we-akhawunti yakwa-Capfin, inqobo uma i-akhawunti yakho ihlala isebenza, ime kahle futhi nangokubuka imigomo nemibandela Yekhava Yomngcwabo.
Ikhava Yomgcwabo Yakwa-Capfin YAMAHHALA esekwe ngabakwa-Abacus Life Limited, kwakungumkhiqizo wokukhangisa wesikhashana futhi manje leyo phromoshini seyaphela kusukela ngomhlaka 6 Juni 2018.
Ikhava yakho Yomngcwabo isazohlala ikhona kuze kube yilapho i-akhawunti yakho yemalimboleko isiqediwe ukukhokhelwa, uma ufaka isicelo semalimboleko eyi-top-up noma lapho kufika isicelo sokukhokhelwa komhlomulo wekhava yomngcwabo kwa-Abacus Life Limited.
Kulezo zimali mboleko ezaqalwa ngesikhathi sephromoshini phakathi komhlaka 15 Septhemba 2017 kuya kumhlaka 6 Juni 2018, umhlomuli wakho omqokile kufanele alandele inqubo elandelayo:
Izicelo kufanele zilethwe kwabakwa-Abacus Life ngokushayela Isikhungo Sabo Sezingcingo lapha 0800 777 444 esikhathini sezinyanga eziyisi-6 kudlule umnikazi we-akhawunti yakwa-Capfin.
Izicelo kumele zihambe nala madokhumenti alandelayo:
Umhlomuli oqokiwe uyena ozothola imali ekhokhelwa Ikhava Yomngcwabo kuphela uma kudlula emhlabeni umnikazi we-akhawunti yakwa-Capfin, kodwa kuphela uma isicelo sivunyiwe.
Ikhasimende lakwa-Capfin lizoqoka umuntu (ilungu lomndeni / umngani) ukuba abe umhlomuli ozoxhunyaniswa Nekhava yalo Yomngcwabo. Lo muntu uyena okhokhelwa Ikhava Yomngcwabo uma kwenzeka ikhasimende lakwa-Capfin lidlula emhlabeni futhi uma nje wonke amadokhumenti adingekayo eselethiwe kwa-Abacus Life Limited ngesikhathi futhi inqobo uma i-akhawunti yemalimboleko beyisasebenza futhi ikhokhelwa ngendlela ngesikhathi sokudlula emhlabeni kwekhasimende.
Umhlomuli oqokwe yikhasimende unesikhathi eziyisi-6 kusukela ngosuku lokudlula emhlabeni komnikazi we-akhawunti yakwa-Capfin ukuba afake isicelo. Emva kwezinyanga eziyisi-6 Ikhava Yomngcwabo iyobe ingasatholakali.
Cha, uvunyelwe ukushintsha imininingwane yomhlomuli ngokuhambisana nemigomo nemibandela Yekhava Yomngcwabo.
Cha, wena njengekhasimende lakwa-Capfin uzoba nesibopho sokushintsha imininingwane yomhlomuli wakho. Kuzodingeka uthinte abakwa-Abacus Life Limited lapha 0800 777 444 ukuze wenze amalungiselelo afanele.
Cha, ukuzibulala kona akukhaviwe.
Thinta abakwa-Abacus Life Limitef lapha 0800 777 444 noma ngefeksi lapha 011 211 1090
Cha, ungakwazi, kodwa, thintana nabakwa-Abacus Life Limited lapha 0800 777 444 uzithathele umasingcwabisane oseceleni ongahlobene ne-akhawunti yakho yakwa-Capfin.